IDutheronomi 8:7-14

IDutheronomi 8:7-14 ZUL20

Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni, izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju, izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi. “Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona. Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla. Funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, izinkomo zakho nezimvu zakho sekwandile, isiliva negolide lakho sekukuningi, sekwandile konke onakho, bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila