UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani, lonke elakwaNafethali, elakwa-Efrayimi, elakwaManase, nalo lonke elakwaJuda kuze kufike olwandle entshonalanga. Wamtshengisa iNegevu nethafa lesigodi iJerikho umuzi wamasundu kuze kufike eZowari. USimakade wathi kuye: “Nanto-ke izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika uzalo lwakho; ngikuvumele walibona ngamehlo akho, kodwa awuyukuwelela kulo.’ ”
Funda IDutheronomi 34
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IDutheronomi 34:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo