IDutheronomi 26

26
Umyalo Wokwethulwa Kolibo KuSimakade
1“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho. 2 Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. 3Uyoya kumphristi oyobe elapho ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyaqinisa namuhla kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uSimakade afunga kokhokho ukusinika lona.’ 4Umphristi uyothatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi, phambi kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho. 5 Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi. 6AbaseGibhithe basiphatha kabi, basihlupha, basisebenzisa kanzima kakhulu. 7 Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu. 8 USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso. 9 Wasiletha kule ndawo, wasinika leli lizwe, izwe elichichima ubisi noju. 10Manje-ke, bheka, ngilethe ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona, Wena Simakade,’ bese ulubeka phansi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, 11 uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”
Umyalo Sekuthathiwe Okweshumi
12 “Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho, 13uyothi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi; njengoba ungiyalile ngemiyalo yonke ongiyale ngayo; angiweqanga namunye wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga. 14Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile. 15 Bheka phansi usendaweni yobungcwele bakho emazulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kokhokho, izwe elichichima ubisi noju.’
16 “Namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho ukuyala ukuba ugcine lezi zimiso nezehlulelo; uyoqikelela ukuba uzigcine, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho. 17USimakade namuhla umnikile isiqiniseko sokuthi uyokuba nguNkulunkulu wakho, uyohamba ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, imiyalo yakhe, nezehlulelo zakhe; ulalele izwi lakhe. 18 USimakade unikezile isiqiniseko namuhla sokuthi wena uyokuba yisizwe esiyifa lakhe njengokwesithembiso sakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe, 19 ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, ngegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho, njengokusho kwakhe.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 26: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume