UDaniyeli 3:19-30

UDaniyeli 3:19-30 ZUL20

Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho. Wayeseyaleza amadoda anamandla ayengawempi yakhe ukuba abophe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Ngakho-ke aboshwa lawo madoda egqoke amayembe, amabhulukwe, izigqoko, nezinye izingubo; aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngalokho ngokuba umyalo wenkosi wawunesihluku, nesithando somlilo sishisa ngokwedlulele, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda ayequkula uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Kepha lawa madoda amathathu; oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi esithandweni somlilo ovuthayo. Khona uNebukhadinezari, inkosi wethuka, wasuka ngokushesha wakhuluma kwabomkhandlu wakhe, wathi: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.” Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo. Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo. UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi. Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.” Inkosi yabaphakamisa oShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego esifundeni eBhabhele.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UDaniyeli 3:19-30