UDaniyeli 1:1-4

UDaniyeli 1:1-4 ZUL20

Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela. INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe. Inkosi yakhuluma ku-Ashiphenazi, induna yabathenwa bayo, ukuba athathe kubantu bakwa-Israyeli abozalo lwenkosi nezikhulu, abalethe kuyo. Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo