Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu, nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli; ebeniphila kukho ngesikhathi nisahlezi kulezi zinto. Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu. Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe; nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo; lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni; nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo. Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo. Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.