KwabaseKholose 3:1-14

KwabaseKholose 3:1-14 ZUL20

Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu, nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli; ebeniphila kukho ngesikhathi nisahlezi kulezi zinto. Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu. Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe; nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo; lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni; nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo. Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.