KwabaseKholose 2:1-23

KwabaseKholose 2:1-23 ZUL20

Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo, ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu; okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi. Ngikusho lokhu ukuze kungabi bikho muntu onikhohlisa ngamazwi ayengayo. Noma mina siqu sami ngingekho phakathi kwenu, kodwa nginani ngomoya, ngiyathokoza uma ngibona ukuhleleka kwenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKhristu. Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye, nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga. Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu. Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla, enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu. Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni. Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano. Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzofika, kodwa okuyikhonakhona nguKhristu. Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo, engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu. Uma nafa kanye noKhristu, nakhululwa ezimfundisweni zokucathula kwezwe, pho kungani kungathi nisaphila ngokwezwe, nithobela izimfundiso ezithi: “Ungathinti, unganambithi ngolimi, futhi ungabambi!” Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu. Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.