Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.
Funda KwabaseKholose 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseKholose 1:9-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo