U-Amose 9

9
Umbono Wesihlanu: INkosi USimakade Imi E-Althare
1Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi:
“Shaya izihloko zezinsika,
ukuze kuzamazame umnyango phansi,
uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke.
Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba.
Obalekayo kubo akayukuphunyuka
nophunyukayo kubo akayukusinda.
2Noma bangagubha endaweni yabafileyo,
isandla sami siyakubakhipha khona lapho,
noma bangakhuphukela ezulwini,
ngiyakubehlisa khona lapho.
3Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli,
ngiyakubathungatha, ngibabambe.
Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle
ngingababoni ngawami amehlo,
kodwa nakhona lapho
ngiyakujuba inyoka ibalume.
4Noma bangathunjwa yizitha zabo,
nakhona lapho ngiyakujuba inkemba
ukuba ibabhuqabhuqe,
iso lami liyakuthi njo kubo,
kube kubi, kungabi kuhle.”
5INkosi uSimakade Wamabandla
nguye othinta umhlaba, uncibilike,
balile bonke abahlala kuyo;
uyakukhukhumala wonke njengomfula,
ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;
6owakhe isigodlo sakhe
esinamakamelo aphezulu ezulwini,
ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni,
obiza amanzi olwandle,
awathululele phezu komhlaba,
nguSimakade igama lakhe.
7“Anifani yini kimi bantu bakaKhushe,
nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.
“Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe,
namaFilisti eKhafithori,
nama-Aramu eKhiri na?
8Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade
awubhekile umbuso owonayo;
ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba,
nakuba ngingeke ngiyishabalalise
ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.
9“Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo,
nginyakazise indlu yakwa-Israyeli
phakwathi kwezizwe zonke,
njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa,
kodwa kungabi bikho okusanhlamvu
okuwela emhlabathini.
10Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami
ziyakufa ngenkemba,
ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi,
ayiyukusehlela thina,
futhi ngeke isikhathaze.’ ”
11“Ngalolo lusuku
ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide,
ngivale imifantu yalo,
ngivuselele kabusha okuwileyo,
ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,
12ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi,
nakho konke okwezizwe
ezazibizwa ngeGama lami,”
kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.
13“Bhekani-ke, ziyeza izinsuku,
lapho olimayo eyakuficwa ovunayo,
onyathela amagilebhisi aficwe
ngohlwanyela imbewu;
izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi,
ligeleze emagqumeni wonke.
14Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,
bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo,
bahlale kuyo;
bayakutshala izivini,
baphuze iwayini lazo,
balime izivande,
badle izithelo zazo.
15Ngiyakubatshala ezweni labo,
bangabe besasishulwa futhi
kwelabo izwe engibanike lona,”
kusho uSimakade uNkulunkulu wakho.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Amose 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume