Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi, benengwe kakhulu ngokufundisa kwabo abantu, nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo. Bababamba, babafaka ejele kwaze kwaba lusuku olulandelayo, ngokuba kwase kuhlwile. Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000. Kwathi ngakusasa, kwabuthana eJerusalema ababusi, amalunga, izazimthetho, u-Anase umphristi omkhulu, uKhayifase, uJohane, u-Aleksandru, nabo bonke abendlu yomphristi omkhulu; babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?” UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga, uma sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle owenzelwe umuntu ogulayo ukuthi uphiliswe kanjani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile. Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”
Funda IZenzo 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 4:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo