IzEnzo 4:1-12

IzEnzo 4:1-12 ZUL59

Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela, benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo, bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile. Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo, no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu, babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?” Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Funda IzEnzo 4