IZenzo 3:12-16

IZenzo 3:12-16 ZUL20

UPhethro ekubona lokho wakhuluma kubantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, kungani nimangele ngalokhu futhi nisigqolozelelani sengathi simenze ngamandla ethu nangokukholwa kwethu ukuba ahambe na? “UNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wokhokho bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula. Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali, nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho. Ngokukholwa egameni lakhe lo enimbonayo nenimaziyo, yigama lakhe elimenze waqina, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

Funda IZenzo 3