Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma. Athi esengihlolile, afuna ukungikhulula, ngokuba athi awafumani cala kimi elifanelwe ukuba ngife. Kepha abaJuda bakuphikisa lokho, ngaze ngaphoqeka ukuba icala ngiledlulisele eRoma kuKhesari, hhayi ngoba ngimangalela isizwe sakithi ngento ethile. Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya. Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”
Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Abanye baneliswa yilokho okwakhulunywayo, kodwa abanye abakholwanga. Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:
“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:
“Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi,
niyakubona nokubona, ningabonisisi,
ngokuba inhliziyo yalesi sizwe
seyaba buthuntu;
sizwa kanzima ngezindlebe,
amehlo aso siwavalile,
funa mhlawumbe sibone ngamehlo,
sizwe ngezindlebe,
siqonde ngenhliziyo, siphenduke;
ngisiphilise.” ’
“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”
Kwathi esekushilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
UPawula wahlala iminyaka emibili epheleleyo endlini yakhe ayeyiqashile, emukela bonke abeza kuye, eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.