IZenzo 28:11-31

IZenzo 28:11-31 ZUL20

Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele. Sesingene echwebeni eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu. Sesisuka lapho sagwegwa saze safika eRegiyu, ngokuba kwavuka umoya waseningizimu, kwathi ngosuku lwesibili safinyelela ePhutheyoli. Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma. Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi. Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo. Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma. Athi esengihlolile, afuna ukungikhulula, ngokuba athi awafumani cala kimi elifanelwe ukuba ngife. Kepha abaJuda bakuphikisa lokho, ngaze ngaphoqeka ukuba icala ngiledlulisele eRoma kuKhesari, hhayi ngoba ngimangalela isizwe sakithi ngento ethile. Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.” Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya. Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Abanye baneliswa yilokho okwakhulunywayo, kodwa abanye abakholwanga. Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi, niyakubona nokubona, ningabonisisi, ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; sizwa kanzima ngezindlebe, amehlo aso siwavalile, funa mhlawumbe sibone ngamehlo, sizwe ngezindlebe, siqonde ngenhliziyo, siphenduke; ngisiphilise.” ’ “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.” Kwathi esekushilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo. UPawula wahlala iminyaka emibili epheleleyo endlini yakhe ayeyiqashile, emukela bonke abeza kuye, eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.

Funda IZenzo 28

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo