Kwathi sekwedlule isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, kwazise isikhathi sokuzila sase sedlule; uPawula wabeluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzokuba nobunzima nokulahlekelwa okukhulu, hhayi impahla nje nomkhumbi kuphela, kodwa nempilo yethu.”
Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula. Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika.
Kuthe lapho iningizimu isiheleza kahle, bacabanga ukuthi inhloso yabo isifezekile, base bekhuphula ihange, bagudla iKhrethe. Kungakabi yisikhathi esingakanani, kwasuka isivunguvungu okuthiwa i-Ewurakhiloni, sazithola sesiphakathi kwaso, kwathi ngenxa yokuthi umkhumbi wawungasalawuleki ngoba ubhekene nomoya, sawudedela wadudulwa ngumoya. Kwathi sisagudla ngezansi kwesiqhingana okuthiwa iKhawuda, sakwazi ukubamba isikebhe somkhumbi kunzima. Sebesikhuphulile bafaka okokuweseka ngaphansi, kwathi ngoba babesaba ukuthi umkhumbi ungase ushayeke esihlabathini esisogwini eSirti, kwehliswa iseyili, umkhumbi wadudulwa ngumoya. Sasilokhu sishukunyiswa kanzima yisivunguvungu saze ngosuku olulandelayo saphonsa ngaphandle umthwalo; kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. Kwaphela izinsuku eziningi ilanga nezinkanyezi kungasabonakali.
Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa. Manje ngiyaneluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuzukufa namunye phakathi kwenu, kodwa umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’
“Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi. Kepha kufanele ukuba siphumele esiqhingini esithile.”