IZenzo 27:27-31

IZenzo 27:27-31 ZUL20

Kwathi ebusuku, phakathi kwamabili, ngolwe-14 silokhu sintanta olwandle e-Adriya, ababesemkhunjini bacabanga ukuthi sebesondela ezweni thizeni, base bephonsa intambo yokukala, bathola ukuthi ngamafathome angama-20. Baphinda baqhubeka kancane, bayiphonsa futhi, base bethola ukuthi sekungamafathome ali-15. Besaba ukuthi hleze singase sishayeke ezindaweni ezinamadwala, base bephonsa amahange amane ngemuva, bafisa sengathi ngabe sekusile. Ababegibele emkhunjini base befuna ukubaleka kuwo, behlisela isikebhe olwandle, kwaba sengathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi, uPawula wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, anisoze nasinda nina.”

Funda IZenzo 27

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 27:27-31