Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.” Kepha uPawula wathi: “Festu odumileyo, angihlanyi, kodwa ngikhuluma iqiniso elimsulwa namazwi anomqondo. Ngokuba iNkosi engikhuluma kuyo ngokukhululeka iyakwazi lokho, angikholwa ngukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekileyo kuyo, lokhu akwenziwanga ekusithekeni. Nkosi, Agripha, uyakholwa yini ngabaphrofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.” U-Agripha wathi kuPawula: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKhristu.” UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.” Inkosi yayisisukuma nombusi noBhernike nababehlezi nabo; kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.” Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe simkhululile ukuba icala akaledluliselanga kuKhesari.”
Funda IZenzo 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 26:24-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo