U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi: “Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, ikakhulu lokhu uyingcweti yawo wonke amasiko nokuphikisana kwabaJuda. Ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngesineke. “Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema. Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi. Manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kokhokho
Funda IZenzo 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 26:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo