IZenzo 25:1-27

IZenzo 25:1-27 ZUL20

Kwathi uFestu esefikile esifundeni, emva kwezinsuku ezintathu, wasuka eKhesariya, wakhuphukela eJerusalema. Abaphristi abakhulu nezikhulu zabaJuda bamchazela ngoPawula. Bamncenga, becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni. Kepha uFestu wabaphendula ngokuthi uPawula njengoba egcinwe eKhesariya nje, naye usazobuyela khona lapho ngokushesha. Wayesethi: “Makwehle kanye nami izikhulu phakathi kwenu, uma kukhona utho olubi elwenzileyo le ndoda, aziyimangalele.” Esehlalile nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili noma ezilishumi, wehlela eKhesariya. Ngakusasa wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayaleza ukuba uPawula alethwe kuye. Esefikile, abaJuda ababehle bevela eJerusalema bema bemngungile, bambeka uxhaxha lwamacala anzima abangenabufakazi bawo. UPawula eziphendulela, wathi: “Angonanga ngalutho emthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKhesari.” Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawula, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wehlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?” UPawula wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaKhesari, lapho kumele ngehlulelwe khona. Akukho okubi engikwenze kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle. Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.” Ngakho-ke uFestu esekhulumile nomphakathi, waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKhesari, uzokuya kuKhesari.” Kuthe sekwedlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBhernisi bafika eKhesariya ukuyobingelela uFestu. Bahlala khona izinsuku eziningi; uFestu walubeka ezithebeni phambi kwenkosi udaba lukaPawula, wathi: “Kunendoda ethile eyisiboshwa eyashiywa nguFelikisi, okwathi ngiseJerusalema, abaphristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela ngayo becela ukuba ilahlwe ngecala. Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. Ngakho-ke sebebuthene lapha, angipholisanga maseko, ngahlala esihlalweni sokwehlulela ngakusasa. Ngayaleza ukuba le ndoda ilethwe, basukuma-ke, abayimangalelanga ngacala engangilindele ukuthi bazolisho. Kepha babenokuphikisana ngokuthile mayelana nenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu owafayo, athi ngaye uPawula uyaphila. Kepha mina njengoba ngingaziqondi lezi zinto, ngabuza ukuthi uyafuna yini ukuya eJerusalema ayobhekana namacala abekwe wona lapho. Kepha uPawula eseledlulisile icala wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKhesari.” U-Agripha wathi kuFestu; “Nami ngiyathanda ukumuzwa lo muntu.” Wathi: “Uzomuzwa kusasa.” Ngakho-ke ngakusasa kwafika u-Agripha noBhernisi, bemukelwa ngokuhlonishwa okukhulu, bangena endlini yamacala nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi. UFestu wayaleza ukuba uPawula alethwe kubo. UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke madoda enilapha kanye nathi, niyambona lo uquqaba lwabaJuda olwangincenga ngaye eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuphila, mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho. Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba. Ngokuba akunamqondo ngokwami ukuba ngithumele isiboshwa, kungakabikwa ukuthi ayini amacala aso.”

Funda IZenzo 25

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo