IZenzo 24:24-27

IZenzo 24:24-27 ZUL20

Kwathi emva kwezinsuku ezithile, wafika uFelikisi noDrusila, umkakhe, owayengumJuda; wambiza uPawula, ukuze amlalele ekhuluma ngokukholwa kuKhristu uJesu. Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.” Wayenethemba futhi lokuthi uPawula uzakumnika imali, ngalokho-ke wayelokhu ethumela embiza, akhulume naye. Kepha sekuphele iminyaka emibili, isikhundla sikaFelikisi sathathwa nguPhorkiyu Festu, kodwa yena efuna ukuthokozisa abaJuda wamshiya uPawula eboshiwe ejele.

Funda IZenzo 24