induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe enkanjini, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasici sini esibenza bamemeze kanje ngaye. Kuthe besambophe ngemichilo, uPawula wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: “Kuvumelekile yini ukuba kushaywe umuntu ongumRoma engakalahlwa yicala na?” Yathi ukuba induna yekhulu ikuzwe lokho, yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Uzokwenzenjani na? Ngokuba lo muntu ungumRoma?” Induna yenkulungwane yaya kuPawula, yathi kuye: “Ngitshele, ngabe wena ungumRoma yini na?” Yena wathi: “Yebo.” Kepha induna yenkulungwane yaphendula, yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.” Kepha uPawula wathi: “Mina-ke ngazalwa nalo.” Bamshiya masinyane labo ababezomhlola, nenduna yenkulungwane yesaba, lapho seyizwe ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile. Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.
Funda IZenzo 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 22:24-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo