induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye. Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?” Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?” Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: “Ngitshele, wena ungumRoma na?” Yena wathi: “Yebo.” Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.” Kodwa uPawulu wathi: “Kepha mina ngazalwa nalo.” Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile. Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.
Funda IzEnzo 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 22:24-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo