IZenzo 21:37-40

IZenzo 21:37-40 ZUL20

Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na? Kanti awusiye yini umGibhithe, okwathi ngaphambi kwalezi zinsuku wadala isiyaluyalu, wembuka, waholela amadoda ayizi-4 000 ehlane, angababulali na?” Kepha uPawula, wathi: “Mina ngingumJuda waseTharsu eKhilikhiya, isakhamuzi somuzi odumileyo. Ngiyacela ukuba ungivumele ngikhulume kubantu.” Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi

Funda IZenzo 21