IZenzo 18:1-23

IZenzo 18:1-23 ZUL20

Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte. Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona. Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende. Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki. Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu. Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge. UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa. INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli, ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.” Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo. Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela, bathi: “Lo muntu unxenxa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.” Kuthe uPawula esathi nje uvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “Nina baJuda ndini, ukuba bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele, kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.” Wayesebaxosha phambi kwesihlalo sokwehlulela. Khona bonke badumela uSostene, umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwehlulela, kodwa uGaliyu wakushaya indiva lokho. Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo. Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda. Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma, kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi. Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya. Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.

Funda IZenzo 18