Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka. Kwathi esengqongqozile esivalweni sesango, kweza intombazana ukuba ilalele; igama layo kunguRoda. Kuthe ukuba ilizwe izwi likaPhethro ayavula esangweni ngenxa yokuthokoza, kodwa yagijima yayobika ukuthi uPhethro umi ngasesangweni. Kepha bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kepha yagcizelela ithi: “Ngempela kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.” Kepha uPhethro waqhubeka engqongqoza. Kuthe sebevulile babona ukuthi nguye impela, bamangala. Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.
Funda IZenzo 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 12:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo