Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka. Esengqongqotha esivalweni sesango, yeza intombazana ukusabela, egama layo linguRoda; isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni. Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.” Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.” Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala. Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.
Funda IzEnzo 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 12:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo