IZenzo 1:6-14

IZenzo 1:6-14 ZUL20

Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe. Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.” Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.” Base bebuyela eJerusalema, besuka entabeni okuthiwa eyeMinqumo eseduze neJerusalema, eyibanga lohambo lwesabatha. Kuthe sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho babehleli khona: uPhethro, uJohane, uJakobe, u-Andreya, uFiliphu, uThomase, uBhartholomewu, uMathewu, uJakobe ka-Alfewu, uSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

Funda IZenzo 1