IZenzo 1:1-5

IZenzo 1:1-5 ZUL20

Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile. Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu. Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye. Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi.

Funda IZenzo 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 1:1-5