2 KuThimothewu 3:1-9

2 KuThimothewu 3:1-9 ZUL20

Kepha yazi lokhu, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika izikhathi ezinzima. Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo, abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle, abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema. Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo. Bafunda njalo, kodwa abafinyeleli ekwazini iqiniso. Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni. Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda.