2 KuThimothewu 2:14-26

2 KuThimothewu 2:14-26 ZUL20

Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo. Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso. Kepha kugweme ukukhuluma kwezwe okuyize, ngokuba kubhebhezela ukungamesabi uNkulunkulu, kuthi ukukhuluma kwabo kubhibhe njengesilonda somuna esibhucukayo, okukhona kulabo oHimenewu noFiletu, abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye. Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.” Kepha endlini enkulu akuhlali kuphela izitsha zegolide nezesiliva, kodwa nezokhuni nezebumba; ezinye ngezihloniphekileyo, ezinye ngezingahloniphekile. Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle. Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo. Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa. Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele, ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso, basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.