2 KwabaseThesalonikha 3:6-9

2 KwabaseThesalonikha 3:6-9 ZUL20

Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KwabaseThesalonikha 3:6-9