2 USamuweli 2:1-7

2 USamuweli 2:1-7 ZUL20

Kwathi emveni kwalokho uDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngingenyukela yini komunye wemizi yakwaJuda na?” USimakade wathi: “Yenyuka.” UDavide wathi: “Ngenyukele kumuphi na?” Yena wathi: “EHebhroni.” UDavide wenyuka lapho namakhosikazi akhe omabili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali. UDavide wenyuka namadoda ayenaye, kwaba yileyo naleyo nabomndeni wayo; bahlala emizaneni eHebhroni. Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.” UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba. Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo. Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo