2 USamuweli 19

19
UJowabe Usola UDavide
1 Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, ililela u-Absalomu.”
2Ukunqoba ngalolo lusuku kwaphenduka isililo kubo bonke abantu, ngokuba abantu bezwa kuthiwa ngalolo lusuku: “Inkosi idabukile ngenxa yendodana yayo.”
3Abantu bangena benyenya emzini ngalolo lusuku kungathi banamahloni, ngoba bebalekela impi. 4 Inkosi yamboza ubuso, yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hawu, ngendodana yami, u-Absalomu, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
5UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho, 6ngokuba uthande abakuzondayo, wazonda abakuthandayo. Ukwenze kwacaca namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe. Lokhu ngiyabona namuhla ukuthi ukuba u-Absalomu ubephilile, thina sonke safa namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho. 7Ngakho-ke sukuma, uphume manje uyokhuluma kahle ezincekwini zakho, ngokuba ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ngithi, uma ungaphumi, akukho muntu ozosala ngakuwe ngalobu busuku. Lokhu kuzokuba kubi kuwe, kwedlule konke okubi osekwake kwakwehlela kusukela ebusheni bakho kuze kube namuhla.”
UDavide Ubuyela EJerusalema
8 Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.”
Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe. 9 Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu. 10U-Absalomu esamgcoba ukuba asibuse ufele empini, ngakho-ke kungani nithule ningayibuyisi inkosi na?”
11 Inkosi uDavide yathumela kuZadoki no-Abhiyathara, abaphristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi esigodlweni sayo, lokhu konke okushiwo ngu-Israyeli sekufinyelele enkosini nasendlini yayo na? 12 Ningabafowethu nina, ithambo nenyama yami, pho-ke kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisa inkosi na?’
13 “Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”
14 U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”
15 Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani. 16 UShimeyi, indodana kaGera, umBhenjamini waseBhahurimi, washesha wehla namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi. 17 Weza nabantu abayinkulungwane bakwaBhenjamini, uZiba, inceku yendlu kaSawule, amadodana akhe ali-15, nezinceku zakhe ezingama-20, bashesha bafika eJordani phambi kwenkosi. 18 Kwawela isikebhe sokuweza abendlu yenkosi, okuyisenzo esaba sihle emehlweni ayo. UShimeyi, indodana kaGera, wakhothama wathi mbo phansi ngobuso phambi kwenkosi, ngesikhathi iwela iJordani. 19 Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibeki icala, futhi ingakukhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho ngosuku inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, sengathi inkosi ingekubeke enhliziyweni yayo. 20Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; uyabona-ke, namuhla ngifikile, ngingowokuqala kubo bonke abendlu kaJosefa, ukwehla ngizohlangabeza inkosi yami, inkosi.”
21 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, waphendula, wathi: “UShimeyi akayukubulawa yini ngalokho, njengoba wathuka ogcotshiweyo kaSimakade na?”
22 UDavide wathi: “Ngizokwenzenjani ngani madodana kaZeruya, njengoba namuhla nimelane nami na? Kufanele yini ukuba namuhla kube khona obulawayo kwa-Israyeli na? Kanti angazi yini ukuthi namuhla ngiyinkosi kwa-Israyeli, na?”
23 Inkosi yayisithi kuShimeyi: “Awuyukufa.”
Inkosi yafunga kuye.
UMefibhoshethi Uziphendulela KuDavide
24 UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula. 25 Kwathi esefike eJerusalema ukuzohlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibhoshethi?”
26 Wathi: “Nkosi yami, nkosi, inceku yami yangikhohlisa, ngokuba inceku yakho yathi kuyo: ‘Ngibophelele imbongolo, ukuze ngiyigibele, ngihambe nenkosi, ngokuba ngilunyonga.’
27 “Iyihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, ifana nesithunywa sikaNkulunkulu, ngakho-ke yenza okuhle emehlweni akho. 28 Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”
29 Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi, wena noZiba nizohlukaniselana izwe.”
30Wayesethi uMefibhoshethi enkosini: “Makathathe konke, njengoba inkosi yami, inkosi, isibuyele esigodlweni sayo ngokuthula.”
UDavide Ubusisa UBherizilayi
31 UBharizilayi wakwaGileyadi wehla esuka eRogelimi; wawela nenkosi, wayiwelisa iJordani. 32UBharizilayi wayesemdala kakhulu, eneminyaka engama-80. Nguye owabe ondla inkosi ngesikhathi isahleli eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu onothileyo. 33Inkosi yathi kuBharizilayi: “Wela nami, ngizokondla nami eJerusalema.”
34 Wayesethi uBharizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami ukuba ngingenyukela eJerusalema nenkosi na? 35 Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na? 36Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na? 37 Ivumele inceku yakho iphindele emuva ukuze ifele emzini wayo, eduze kwethuna likayise nelikanina. Kepha bheka, nansi inceku yakho, uKhimihamu, mayiwele nenkosi yami, inkosi, uyenzele okuhle emehlweni akho.”
38 Inkosi yathi: “UKhimihamu uyakuwela nami, ngiyakumenzela okuhle emehlweni akho; konke okufisayo ngiyakumenzela khona.”
39Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela. Inkosi yamanga uBharizilayi, yambusisa; wayesebuyela ekhaya.
AbakwaJuda Nabakwa-Israyeli Babanga Inkosi UDavide
40 Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKhimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nengxenye yabakwa-Israyeli.
41 Bheka, kwase kuza bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi kuyo: “Kungani abafowethu bakwaJuda beyebile inkosi, bayiweza iJordani nabo bonke abendlu yayo, nabo bonke abantu bakaDavide ababenayo na?”
42 Wonke amadoda akwaJuda abaphendula abantu bakwa-Israyeli, athi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu segazi kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sidleni engeyenkosi? Kukhona yini esixoshise ngakho?”
43 Abantu bakwa-Israyeli baphendula abakwaJuda, bathi: “Thina sinezabelo ezilishumi ngaphezu kwezenu enkosini, ngisho nakuDavide. Pho nisedeleleleni na? Aliphumanga kithi kuqala yini izwi lokuthi makubuyiswe inkosi na?”
Kepha amazwi abakwaJuda ayenzima kunamazwi abakwa-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume