2 USamuweli 12:1-25

2 USamuweli 12:1-25 ZUL20

USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana elilodwa eliselincane nje kuphela, eyayilithengile, yalondla. Lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo; lalinjengendodakazi kuyo. “Kwafika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukulungisela leso sihambi esasiyivakashele, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela isihambi.” UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa. Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.” UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule. Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi. Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni, ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’ “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha. Wena wakwenza lokhu ekusithekeni, kodwa Mina ngizokwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke emini kwabha!’ ” UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa. Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.” UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu. UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla. Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, ngesikhathi umntwana esaphila sakhuluma naye, kodwa akasilalelanga. Pho sizomtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase azilimaze.” UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?” Zathi kuye: “Yebo, ufile.” UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.” Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 USamuweli 12:1-25