2 USamuweli 12:1-10

2 USamuweli 12:1-10 ZUL20

USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana elilodwa eliselincane nje kuphela, eyayilithengile, yalondla. Lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo; lalinjengendodakazi kuyo. “Kwafika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukulungisela leso sihambi esasiyivakashele, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela isihambi.” UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa. Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.” UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule. Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi. Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni, ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 USamuweli 12:1-10