2 KaPhethro 3:14-18

2 KaPhethro 3:14-18 ZUL20

Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye. Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe. Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa. Ngakho-ke nina bathandekayo, njengokuba nazi lokhu phambilini, qaphelani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, bese niwa kulokhu eniqine kukho. Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.