2 AMakhosi 5:1-14

2 AMakhosi 5:1-14 ZUL20

UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko. Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani. Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaya phambi komphrofethi oseSamariya, khona eyakuyiphilisa ochokweni lwayo.” Yangena, yatshela inkosi yayo yathi: “Intombazana yakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.” Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Hamba uye khona; ngizakuthumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wahamba, wathatha amathalenta esiliva alishumi nezinhlamvu zegolide eziyizi-6 000, nezingubo ezilishumi zokuphendulela. Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, yazi ukuthi ngithumele kuwe uNahamani, inceku yami, ukuba umphilise ochokweni lwakhe.” Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.” Kwathi ukuba u-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, ezwe ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iziklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, yikhona ezokwazi ukuthi kukhona umphrofethi kwa-Israyeli.” Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha. U-Elisha wathumela isithunywa kuye, wathi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; inyama yakho izobuyela esimweni sayo, uhlambuluke.” Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Mina bengithi impela uzophuma eze kimi, ame abize igama likaSimakade, uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphulukise onochoko. I-Abhana neFariphari, imifula eseDamaseku, ayingcono yini kunawo wonke amanzi akwa-Israyeli na? Bengingegeze yini kuyo, ngihlambuluke na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele. Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, ukuba umphrofethi ubekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga yini na? Kakhulu kangakanani-ke, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke’ na?” Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 AMakhosi 5:1-14