2 AMakhosi 21

21
UManase Uyinkosi KwaJuda
1 UManase wayeneminyaka eli-12 eqala ukubusa, wabusa iminyaka engama-55 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHefizibha. 2 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengezinengiso ezazenziwa ngabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli. 3 Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4 Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”
5Wakhela lonke ibandla lasezulwini ama-althare emagcekeni amabili endlu kaSimakade. 6 Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.
7 Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera ayesenzile endlini uSimakade ayekhulume ngayo kuDavide noSolomoni indodana yakhe, wathi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukuba ngibeke khona iGama lami, kuze kube phakade. 8 Angiseyukuzenza izinyawo zika-Israyeli zizulazule, zisuke ezweni engalinika okhokho babo, kuphela nje uma beqikelela ukugcina futhi benze njengakho konke engibayale ngakho, nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami, uMose.”
9Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa, benza okubi ukwedlula abezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabo, abantu bakwa-Israyeli.
10USimakade wakhuluma ngezinceku zakhe, abaphrofethi, wathi: 11 “Ngenxa yokuba uManase, inkosi yakwaJuda, wenze lezi zinengiso, wenza okubi ukwedlula konke okwakwenziwe ngama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa uJuda ngezithombe zakhe. 12 Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizokwehlisa okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda, okuyothi abezwa ngakho, kuhlale kunkeneneza njalo ezindlebeni zabo. 13 Ngizakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakulesula iJerusalema njengomuntu esula isitsha, uyasesula aphinde asibhekise phansi. 14Ngiyakuyilahla insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, iyokuba yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo, 15ngokuba yenze okubi emehlweni ami, iluchukuluzile ulaka lwami kusukela ngosuku okhokho bayo abaphuma ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla.’ ”
16 UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.
17 Ezinye izindaba zikaManase, nakho konke akwenzayo, nesono sakhe ona ngaso, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwaJuda na? 18 UManase walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa ensimini esigodlweni sakhe, insimu ka-Uza. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Amoni Uyinkosi KwaJuda
19U-Amoni wayeneminyaka engama-22 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka emibili eJerusalema. Igama likanina kwakunguMeshulemethi, indodakazi kaHaruzi waseJothiba. 20 Wenza okubi emehlweni kaSimakade njengalokhu kwakwenze uyise uManase. 21Wahamba ngazo zonke izindlela uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo. 22 Wamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe, akaze ahamba endleleni kaSimakade.
23 Izinceku zika-Amoni zamakhela uzungu; zayibulala inkosi endlini yayo. 24 Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababenzele inkosi u-Amoni ugobe, babeka uJosiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo azilotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla zamakhosi akwaJuda na? 26 Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 AMakhosi 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume