2 AMakhosi 20:16-19

2 AMakhosi 20:16-19 ZUL20

U-Izaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaSimakade: nakanjani izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho okhokho bakho abakubekelela khona kuze kube namuhla, kuyakuthathwa, kuyiswe eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade. Amanye amadodana akho owazalayo ayothunjwa, abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.” UHezekiya wayesethi ku-Izaya: “Izwi likaSimakade alikhulume kimi, lingifanele.” Ngokuba ngokucabanga kwakhe wayethi: “Pho kunani uma kuzokuba nokuthula nokuvikeleka ngezinsuku zami na?”