2 AMakhosi 17

17
U-Hosheya Uyinkosi Yokugcina Kwa-Israyeli
1 Ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahazi inkosi yakwaJuda, uHosheya, indodana ka-Ela, waba yinkosi kwa-Israyeli; wabusa iminyaka eyisishiyagalolunye. 2Wenza okubi emehlweni kaSimakade, noma yena engafananga namakhosi akwa-Israyeli ayemendulele.
3 UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela. 4Inkosi yase-Asiriya yezwa ngozungu uHosheya ayeselwakhele yona, ngokuba wayethumele izithunywa kuSo, inkosi yaseGibhithe, futhi engayilethanga intela enkosini yase-Asiriya, ayeyithela minyaka yonke, ngakho-ke inkosi yase-Asiriya yambopha, yamvalela ejele. 5 Inkosi yase-Asiriya yenyuka yadabula izwe lonke, yenyukela naseSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu. 6 Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.
Ukuthunjwa Kwabakwa-Israyeli Ngenxa Yokona
7 Kwaba kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, ngokuba babonile kuSimakade uNkulunkulu wabo owayebakhuphule eGibhithe, phansi kwesandla sikaFaro, inkosi yakhona, besaba abanye onkulunkulu. 8 Base behamba ngezimiso zabezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, nangezimiso zamakhosi akwa-Israyeli azimisayo. 9 Abakwa-Israyeli babenza ngasese izinto ezingalungile phambi kukaSimakade uNkulunkulu wabo; bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke, kusukela embhoshongweni wabalindi, kuze kube semizini ebiyelweyo. 10 Bazigxumekela izinsika zo-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo, naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza. 11Bashisa impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengalokhu kwakwenza abezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabo. Benza izinto ezimbi, baluchukuluza ulaka lukaSimakade. 12 Bakhonza izithombe uSimakade ayebatshelile ngazo, wathi: “Aniyukuyenza into enjalo.”
13 Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”
14 Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo. 15 Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.
16 Bayishiya yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza nezigxobo zika-Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBhali. 17 Badabulisa amadodana namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaSimakade, ukuchukuluza ulaka lwakhe.
18 Yingakho nje uSimakade wamthukuthelela kakhulu u-Israyeli, wamsusa phambi kwakhe, akwaze kwasala muntu, ngaphandle kwesizwe sakwaJuda kuphela. 19 UJuda naye akayigcinanga imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakhe, kunalokho wahamba njengalokhu kwenza u-Israyeli. 20 USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.
21 USimakade wehlukanisa u-Israyeli nendlu kaDavide. UJerobhowamu, indodana kaNebhathi, bambeka waba yinkosi, nokho wahlubukisa u-Israyeli, akabe esalandela uSimakade, wamonisa ngesono esikhulu. 22Abantu bakwa-Israyeli benza zonke izono zikaJerobhowamu, abaze basuka kuzo. 23 USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.
Inkosi Yase-Asiriya Ihlalisa Abezizwe ESamariya
24 Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona. 25 Kwathi beqala nje ukuhlala lapho, abaze bamesaba uSimakade, ngakho-ke uSimakade wathumela phakathi kwabo amabhubesi, abulala abanye babo. 26Base bethi enkosini yase-Asiriya: “Abezizwe obathumbile wabahlalisa emizini eSamariya, abawazi umthetho kankulunkulu wezwe, yingakho ebathumelele amabhubesi; uyabona-ke, ayababulala, ngoba abawazi umthetho kankulunkulu wezwe.”
27Inkosi yase-Asiriya yayisiyala, ithi: “Thathani omunye wabaphristi abathunjiweyo, ahambe ayohlala eSamariya, ukuze abafundise umthetho kankulunkulu wezwe.”
28Omunye wabaphristi ababethunjwe eSamariya, wabuya, wahlala eBhethele, wabafundisa ukumesaba uSimakade.
29 Kepha zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo, zababeka ezindlini ezindaweni eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe, emizini esasihlezi kuyo. 30 Abantu baseBhabhele benza uSukhothi Bhenothi, abaseKhutha benza uNerigali, abaseHamathi benza u-Ashima, 31 ama-Avi enza uNibhihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo emlilweni ka-Adirameleki no-Anameleki, okwakungonkulunkulu baseSefarivayimi. 32 Nokho babemkhonza noSimakade, nakuba babezenzela abaphristi phakathi kwabo, babesezindaweni eziphakemeyo ababehlabela kuzo, ezindlini eziphakemeyo ababezakhile. 33Bamesaba uSimakade, baqhubeka nokukhonza onkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababethunjwe phakathi kwazo.
34 Kuze kube namuhla basenza imikhuba yabo yakuqala. Abamesabi uSimakade, abazilandeli izimiso zakhe, izehlulelo, imithetho, nemiyalelo uSimakade ayala ngakho abantwana bakaJakobe, amqamba igama wathi ngu-Israyeli. 35 USimakade wayenze no-Israyeli isivumelwano, wabayala, wathi: “Aniyukwesaba abanye onkulunkulu, aniyukubakhothamela, aniyukubakhonza, aniyukubahlabela. 36 Kepha uSimakade owanikhuphula eGibhithe ngamandla amakhulu, nangengalo enamandla, niyokwesaba Yena kuphela, nimkhothamele, nimhlabele. 37 Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu. 38 Ningasikhohlwa isivumelwano engasenza nani, ningabesabi abanye onkulunkulu. 39Kepha niyokwesaba uSimakade uNkulunkulu wenu, Yena uyakunisindisa esandleni sazo zonke izitha zenu.”
40Kepha abazange balalele, baqhubeka benza njengokwemithetho yabo yakuqala. 41 Lezi zizwe zesaba uSimakade, kodwa zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengalokhu benzile oyise, zenza kanjalo nazo kuze kube namuhla.

Okuqokiwe okwamanje:

2 AMakhosi 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo