2 AMakhosi 12
12
UJehowashi Ulungisa Indlu KaSimakade
1 Ngonyaka wesikhombisa kaJehu, uJehowashi waba yinkosi; wabusa eJerusalema iminyaka engama-40. Igama likanina kwakunguSibhiya waseBheri Sheba. 2UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaSimakade izinsuku zonke zakhe, ngesikhathi uJehoyada umphristi emyala. 3 Kepha-ke akazisusanga izindawo eziphakemeyo; abantu babesalokhu behlaba, beshisa nempepho kuzo.
4 UJehowashi wathi kubaphristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elilethwa endlini kaSimakade, imali eyamukelwayo, imali yilowo nalowo muntu anqunyelwe yona, yonke imali umuntu ayinikela ngokwenhliziyo yakhe endlini kaSimakade, 5makuthathwe ngabaphristi. Makube yilowo nalowo akuthathe kumakhelwane wakhe, yikho abazolungisa ngakho izimfa zendlu, kuyo yonke indawo lapho kutholakala khona ufa.”
6Kodwa nangonyaka wama-23 wokubusa kwenkosi uJehowashi, abaphristi babengakazilungisi izimfa zendlu. 7Inkosi uJehowashi yabiza uJehoyada, umphristi, nabanye abaphristi, yathi kubo: “Kungani kuze kube manje izimfa zendlu zingalungisiwe na? Ngakho-ke ningabe nisayithatha imali kwabasondelene nani, kodwa niyinikelele izimfa zendlu.”
8Abaphristi bavuma ukuthi abasezukuyithatha imali evela kubantu, futhi abasezukuzilungisa izimfa endlini.
9 UJehoyada, umphristi, wathatha ibhokisi, wabhoboza imbobo esivalweni salo, walibeka ngase-althare ngakwesokunene ukuze lapho umuntu engena endlini kaSimakade, abaphristi abalinda umbundu bayifake khona yonke imali eyayilethwa endlini kaSimakade. 10 Kwathi ukuba babone ukuthi seyiyiningi imali ebhokisini, kwase kwenyuka umbhali wenkosi nomphristi omkhulu, bayibopha base beyibala imali eyayitholakele endlini kaSimakade. 11Imali ababeyilinganisile bayinika abasebenza ukuqapha indlu kaSimakade, bona base beholela ngayo ababesebenza lapho, babuye bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza khona. 12 Baholela ababakha ngamatshe, ababebaza amatshe, nokuba kuthengwe izigxobo namatshe abaziweyo ukuze kulungiswe izimfa endlini kaSimakade, nakho konke okwathengwa ukuba kulungiswe ngakho indlu.
13 Imali eyayilethwe endlini kaSimakade ayisetshenziselwanga ukwenza izindebe zesiliva, izizenze, izitsha, amacilongo, zonke izinto zegolide nezinto zesiliva, 14ngokuba yanikwa ababesebenza, kwalungiswa ngayo indlu kaSimakade. 15 Ababengamele ukusetshenziswa kwemali lokho babekwenza ngokwethembeka; abazange bachaze kubantu ukuthi imali bayisebenzisa kanjani ukuholela abasebenzayo. 16 Imali yeminikelo yamacala neyeminikelo yezono, yayingeniswa endlini kaSimakade ngokuba yayingeyabaphristi.
UHazayeli Uhlasela IJerusalema
17 Kwase kusuka uHazayeli, inkosi yase-Aramu, walwa neGathi, walinqoba. UHazayeli wayesebhekisa amabombo eJerusalema. 18 UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele ezazingcweliswe nguJehoshafathi, uJehoramu no-Ahaziya, okhokho bakhe ababengamakhosi akwaJuda, nazo zonke izinto zakhe ezingcwele nalo lonke igolide elatholakala engcebeni yendlu kaSimakade nasesigodlweni, wakuthumela kuHazayeli, inkosi yase-Aramu. UHazayeli wayesesuka eJerusalema.
19Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 20 Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila. 21 Wabulawa yizinceku zakhe uJozakhari, indodana kaShimeyathi, noJehozabhadi, indodana kaShomeri, wembelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide. U-Amaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
2 AMakhosi 12: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.