2 KwabaseKhorinte 9:6-8

2 KwabaseKhorinte 9:6-8 ZUL20

Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza. UNkulunkulu unamandla okuninika umusa wonke uchichime, ukuze nithi ninokwaneleyo ngezikhathi zonke, nichichime emisebenzini yonke emihle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KwabaseKhorinte 9:6-8