2 KwabaseKhorinte 9:6-7
2 KwabaseKhorinte 9:6-7 ZUL20
Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.