Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza. UNkulunkulu unamandla okuninika umusa wonke uchichime, ukuze nithi ninokwaneleyo ngezikhathi zonke, nichichime emisebenzini yonke emihle. Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyahlaphaza, aphe abampofu, ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.” Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu
Funda 2 KwabaseKhorinte 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KwabaseKhorinte 9:6-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo