2 KwabaseKhorinte 6:14-16

2 KwabaseKhorinte 6:14-16 ZUL20

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”