2 KwabaseKhorinte 5:11-21

2 KwabaseKhorinte 5:11-21 ZUL20

Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe. Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzitusa ngathi, ukuze nikwazi ukuphendula labo abazigabisa ngokubonakalayo kungesikho okusenhliziyweni. Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu. Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele Yena owabafelayo, wabuye wavuka. Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi. Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha. Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana. Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KwabaseKhorinte 5:11-21