Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini. Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukuba sembathiswe indlu yethu yasezulwini, ukuze sithi sesiyikhumulile, singafunyanwa sihamba ze. Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. Kepha owasenzela lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso esinguMoya. Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini, ngokuba sihamba ngokukholwa, hhayi ngokubona.
Funda 2 KwabaseKhorinte 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KwabaseKhorinte 5:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo