2 KwabaseKhorinte 12

12
UPawula Wamukela Izambulo KuJesu
1Kumele ukuba ngizigabise noma kungasizi ngalutho lokho, kodwa sengizakukhuluma ngemibono nezambulo zeNkosi. 2Ngiyamazi umuntu owayekuKhristu, okwathi eminyakeni eli-14 eyedlulile, noma wayesemzimbeni, angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi; nguNkulunkulu owaziyo; lo muntu wahlwithwa, wenyuselwa ezulwini lesithathu. 3Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo, noma wayesemzimbeni, noma wayengaphandle kwawo, angazi; nguNkulunkulu owaziyo; 4 ngiyazi ukuthi wahlwithwa, wayiswa ePharadisi, wezwa amazwi angakhulumeki; okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume. 5 Ngizakuzigabisa ngomuntu onjalo, kodwa mina luqobo angizukuzigabisa ngalutho, ngaphandle kobuthakathaka bami. 6 Ngokuba uma ngifuna ukuzigabisa, bengingezukuba yisiwula, ngokuba bengizobe ngikhuluma iqiniso. Kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami ngokungaphezu kwalokho angibona ngiyikhona nakuzwa ngami, 7 ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu. 8Mayelana nalokhu, ngayinxusa iNkosi, amahlandla amathathu, ukuba ilisuse kimi. 9 Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.”
Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami. 10 Ngalokho ngiyathokoza ebuthakathakeni bami, ekwedelelweni, ebunzimeni, ekuhlushweni, nasebunzimeni bonke ngenxa kaKhristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.
Ukukhathazeka KukaPawula Ngebandla
11 Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho. 12 Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. 13 Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.
14 Sekungokwesithathu manje ngikulungele ukuza kini; angiyukuba mthwalo kini, ngokuba angifune zinto zenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akusibona abantwana okufanele baqongelelele abazali, kodwa ngabazali abaqongelelela abantwana. 15 Kepha ngizakunikela ngokujabula okukhulu, nginikele ngakho konke, nangami uqobo, ngenxa yemiphefumulo yenu. Pho uma nginithanda kakhulu ngabe kufanele mina ngithandwe kancane yini na? 16Kepha makube ngukuthi angibanga mthwalo kini, kodwa nibalisa ngokuthi ngaba yiqili, nganilutha ngobuqili. 17 Ngake nganiqola yini ngomunye walabo engabathumela kini na? 18 Ngamnxusa uThithu, ngathumela kanye naye umzalwane. UThithu wake waniqola yini na? Asihambanga ngamoya munye, nangendlela efanayo yini na?
Iziluleko Zokugcina ZikaPawula KwabaseKhorinte
19 Ngabe sonke lesi sikhathi nicabanga ukuthi sizama ukuzivikela yini kini? Sikhuluma sikuKhristu naphambi kukaNkulunkulu. Konke esikwenzayo, bazalwane, kungokokwakha nina. 20 Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu, 21 funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseKhorinte 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo