2 KwabaseKhorinte 1:3-8

2 KwabaseKhorinte 1:3-8 ZUL20

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu. Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu. Kepha noma sikhathazwa manje, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu; uma siduduzwa, kungenxa yokududuzwa kwenu okuveza ukubekezela ezinhluphekweni ezifanayo nalezi esihlupheka ngazo nathi. Ithemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengabahlanganyela ezinhluphekweni, kanjalo ningabahlanganyeli nasenduduzweni. Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KwabaseKhorinte 1:3-8